Imibandela esemqoka yomthetho ijotshelelwe kule nqubomgomo.
b 'Ibhidi' isho isicelo esibhaliwe efomini elibekiwe noma elishiwo ngokuphendula isimemo esivela esithweni sombuso ngokunikezelwa kwezinsiza, imisebenzi noma impahla.
m 'Abasebenzi Bokuphatha Ukunikezelwa Kwemisebenzi' basho futhi bafaka I-Ofisa Yezezimali Ephezulu, Inhloko Yesigaba: Impahla, Omabhalane Bezikweletu Nomabhalane Bezitolo kanye Nomenenja Wezezimali; kanye n 'Nethender' esetshenziswe ezijobelelweni esho 'ibhidi' engqikithini yenqubo yokubhida kanye 'nekhotheshini' ngokulandela inqubo yokutholiswa kwempahla noma izinsiza ukufinyelela ezindlekweni ezingama-R100,000.
Isigaba sokutholiswa sinesibopho sokulungiselela okungabhekiwe komsebenzi wokuphatha. Oyinhloko nguMenenja Wezezimali owela ngaphansi kophethe oyi-Ofisa Yezezimali Ephezulu kamasipala.
amanzi avela EMnyangweni Wezindaba Zamanzi noma inhlangano yomphakathi, omunye umasipala noma inhlangano kamasipala; kanye nogesi ovela kwa-Eskom noma kunhlangano yomphakathi, omunye umasipala noma inhlangano kamasipala.
ngokubhaliwe, zichaza ngokucacile uhlobo nenani/isikhathi sempahla nezinsiza ezidingekayo. Ukulungiselelwa kokucacisiwe okuhlose ekutholisweni impahla noma izinsiza zabanikezeli abathize kanye/noma amagama ohlanga kumele angasetshenziswa.
Kuqinisekiswe ngokuphelele yinhloko yomnyango ephathekayo, noma umuntu ogunyaze ubuphathimandla, ukuthi umbandela owanele uye wenziwa kubhajethi yokutholiswa okunje.
IMenenja Yezezimali izawuqinisekisa ukuthi uhlelo olufanele lokuphatha izimfuno luba khona, olunikezela izidingo zokutholiswayo kumasipala. Izidingo ezinje zizawufaka ukuqinisekisa ukuthi izimpahla ziyethulwa bese nezinsiza ziyanikezwa ngesikhathi okudingeka ngaso, endaweni edingeka ngayo, ngentengo okuxoxiswane ngayo, kanye nezinga nenani elifanele.
Uma ukutholiswa kunemibandela yebhajethi yesikhathi esizayo, isigaba sama- 33 se-MFMA ngokuphathelene namakontileka sizawulandelwa. Ngokulandela ukutholwa Yibandla kwale nqubomgomo, isigaba sama- 33 asisoze sahambisana namakontileka ayinani elingaphansi kwe-R1miliyoni noma njengoba kubekwe Ngumcwaningi Zimali Kuzwelonke.
Izijobelelo ezilandelayo zifaka izigaba-19 nama-33 ze-MFMA.
b Ikhotheshini yentengo ebhaliwe enenani elilinganisiwe elingaphakathi kuka-R5,000 kanye ne-R100,000; kanye c Nenqubo yokuncintisana ngokubhida nenani elilinganisiwe eledlula ama-R100,000.
Izimpahla nezinsiza azisoze zahlukaniswa ukuba yizingxenye noma zenziwe iqembu njengezinto zenani eliphansi ukuze kugwemwe izidingo zenqubomgomo.
Impahla Nezinsiza ezinenani elilinganisiwe elifika ku-R5,000 lingakwazi ukutholiswa ngokuthola okungenani amakhotheshini enziwa ngomlomo ama-3 avela ohlwini lwabanikezeli abavunyelwe. Wonke amakhotheshini azofaka izindleko zokuthwala/zokuthutha. Abanikezeli bazokunikeza izintengo eziqinisekisiwe ngokubhaliwe kanye nokutholakala kwemphala ngaphambi kokufaka i-oda.
Igama lomnikezeli kanye nezintengo zabo ezikhothiwe kuzakurekhodwa ngumuntu omisiwe ongaphakathi kwesigaba sokutholiswa, njengoba sigunyazwe nguMenenja Wezezimali.
Uma kungaphumeleleki ukuba uthole okungenani amakhotheshini amathathu, isizathu saloku kweqiwa kuzkurekhodwa nguMenenja Wezezimali, futhi izizathu ezinje zizawubikwa ku-Ofisa Lezezimali Eliphezulu okungenani njalo nje ngekwata.
Izimpahla kanye nezinsiza ezilinganisiwe kuzindleko ezingaphakathi kwama- R5,000 kanye nama-R100,000 angatholiswa ngokumema amakhotheshini entengo abhaliwe avela kubanikezeli abavunyiwe okungenani abathathu. Isicelo samakhotheshini sizawulungiselelwa Yisigaba Sokutholiswa Somnyango Wezinsiza Zezezimali.
Kuzindleko zempahla nezinsiza ezilinganiswe kuzindleko ezingaphezu kwama-R30,000 sezaziso zekhotheshini zizakuboniswa kubhodi yezaziso kamasipala enikezelwe izinhloso zokubonisa amakhotheshini namabhidi, nakuwebhusayidi kamasipala futhi kungaziswa nganoma yiyiphi enye indlela ebonwa ingefanele nguMenenja Wezezimali. Izaziso ezinje zizakuboniswa okungenani izinsuku eziyi-7 ukusuka ngosuku ezibekwe ngalo futhi zizakubonisa usuku lokuvala lokungeniswayo, ngaphandle kwalapho imibandela yesiqephu se-10 ifanelekile.
Uma kungaphumeleleki ukuthola amakhotheshini amathathu, izizathu zokweqiwa okunje kuzorekhodwa Yimenenja Yezezimali futhi kuzawuvunyelwa NguMenenja Wezezimali futhi kuzakuvunywa Yi-Ofisa Yezezimali Ephezulu ngaphambi kokuvuma ikhotheshini.
Ihambisane nanoma yimuphi umbhalo odingwa yi-Ofisa Yezezimali Ephezulu (i-CFO).
Uma ngabe nganoma yisiphi isizathu, le nqubo ayilandelwa, izizathu zaloku kwehluka zizawubhalwa nguMenenja Wezezimali bese zivunywa yi-Ofisa Yezezimali Ephezulu.
Izincasiselo zebhidi zizawulungiselelwa ngokukodwa kokwenza okuboniswe esigabeni se- 7.
Ukuze ibhidi ibhekwe kuzomele ilandele zonke izidingo zemibhalo yebhidi (njengoba ibekiwe esigabeni se- 5.1) bese ifakwe ebhokisini lebhidi elisemthethweni elibekwe njengoba kukhangisiwe.
Ibandla libiza idiphosithi engabuyiselwa yokunikezwa kwemibhalo yamabhidi. Inani ledipozithi leyeme ekutheni liyabuyekezwa njalo ngonyaka.
I-Ofisa Yezezimali Ephezulu noma i-ofishali egunyaziwe izakuqinisekisa ukuthi amabhokisi ebhidi avaliwe aze avulwe ngokusemthethweni aqinisekise nokuthi aphephe ngemfanelo.
Ngesikhathi sokukhangisa, ibhokisi lebhidi lizawuvulwa livalwe ngama-ofishali amabili: oyedwa ovela Emnyango Wezinsiza Wezezimali kanye noyedwa ovela Emnyango Wezinsiza Zokubumbana, lapho kufaneleke khona, i-ofisa evela kumnyango owenzelwa ibhidi. Ibhokisi lizovulwa ngaphambi komphakathi, okusho ukuthi kukhona amabhida namaqembu anomnako. I-Ofisa Yokuphatha Ukunikezelwa Kwemisebenzi izavula imibhalo yamabhidi (endaweni ecacisiwe embhalweni wamabhidi) kukhona i-ofisa evela EMnyango Wezinsiza Ezibumbene, umnyango ofanele kanye nanoma yimaphi amaqembu anomnako. Uma nje inqubo efanele yokukhangisa isikhathi nendawo kulandelwe, ibhokisi lamabhidi lingavulwa noma amalungu omphakathi engekho.
Amagama ababhidi namanani okubhida azokufundwa bese erekhodwa erejisteni yokubhida, ezokwenziwa ukuthi umphakathi ukwazi ukuyihlola uma ucela. Irekhodi yokuqala izawugcinwa ehhovisi LikaMenenja Wezezimali, bese ikhophi lerekhodi kumele linikezwe i-ofishali yomnyango ofanele. Ezehlakalweni zezamba ezinkulu zamabhidi ezithatha isikhathi eside ukufundwa, yilabo babhidi abaceliwe kuphela abazafundwa, bese isheduli eqediwe izakunikezwa ngokushesha okungaphumelelwa ngako. Imiphumela yebhidi izakushicilelwa kuwebhusayidi noma ibhodi yesaziso kamasipala.
Kumaphrojekthi amakhulu anzima noma amaphrojekthi awuhlobo olusipesheli, lapho kungadingeki futhi kungongi izindleko ukulungisa izincasiselo eziwubuchwepheshe ngaphambi kwesikhathi, ukubhida kungenziwa ngezigaba ezimbili. Isigaba sokuqala ukumema iziphakamiso zobuchwepheshe ezingenazo izintengo ezesekwe ekufanekisweni kwemiqondo noma izincasiselo zokwenza ngemfanelo. Iziphakamiso ezinjena zeyeme ekulungisweni kanye nokucaciswa nokulungiswa kwezobuchwepheshe nezokuthengisa. Isigaba sesibili ukucela ukungeniswa kwemibhalo yebhidi eguquliwe kanye nokungeniswa kweziphakamiso zokugcina zobuchwepheshe kanye namabhidi anezintengo.
Isigaba sokutholiswa sizakumele siqinisekise ukuthi uhlu lwabanikezeli abavunyiwe luyagcinwa futhi luyabhekwa uma kunezidingo zako konke ukutholiswa -. Uhlu luzakufakelwa imininingwane ngekwata ngokubonisa isaziso emabhodini abekelwe loku kanye nakuwebhusayidi yebandla. Izimemo zokwenziwa kohlu lwabanikezeli abavunyiwe luzakukhangiswa kanye ngonyaka kumaphephandana endawo ajwayelekile2. Izaziso ezinje zizakumema abanikezeli ukuthi bafake izicelo zokuhlolwa kanye nokwenziwa uhlu kwabanikezeli abavunyelwe. Okungaba ngabanikezeli abavunyiwe kudingeka ukuba bangenise amagama abo kanye neminye imininingwane efanele, kufakwa nohlu lwempahla nezinsiza abakwazi ukuzinikeza.
Uma uhlu selwenziwe ngempahla ngayinye kanye nohlobo lwensiza ngalunye, amakhotheshini entengo azakumenywa ukusuka kubanikezeli. Izimemo zizawukhuliswa ngendlela yokuqhubekisa ukuncintisana okuqhubekayo, okufaka izimemo ezizungezayo, futhi izawulungiselelwa nguMenenja Wezezimali futhi ivunyelwe Yikomiti Lokunquma njalo ngonyaka.
Ukufakwa kwanoma yimuphi umnikezeli kunqolobane yemininingwane yabanikezeli akukhipheli ngaphandle umnikezeli onje kukugunyazwa kokuphendula ngendlela ebekiwe kuzaziso zikamasipala zezidingo zokuphatha ukunikezela ngemisebenzi.
Abanikezeli abafisa ukufakwa ohlwini lokuba ngabanikezeli abavunyiwe ngaphandle kokulinda isimemo esilandelayo bangaqonda Esigabeni Sokutholiswa ukuze bafakwe, uma nje banikezela ngemibhalo efanele nolwazi lokuhlolwa. Emva kokuba lezi sidingo sezigculisiwe, isigaba Sokutholisa sizakuqinisekisa ukuthi okungaba ngabanikezeli bayahlolwa bese kuthi ezinsukwini eziyi-14 bazokwaziswa abanikezeli ukuthi ukuhlolwa kuvunyiwe noma cha. Okungaba ngabanikezeli abasoze bakwazi ukunikeza amakhotheshini baze bavunyelwe njengabanikezeli abavunyiwe. Okwehlukile emthethweni kungenziwa kuphela uma ongaba ngumnikezeli engumnikezeli oyedwa wempahla ethile noma izinsiza, futhi kungekho omunye umnikezeli onje ohlwini lwabanikezeli abavunyiwe.
Uma ongaba ngumnikezeli enikeza umkhiqizo noma insiza engajwayelekile engaba nenzunzo eyisipesheli noma okuhle ngezindleko ukufinyelela izidingo ezibonisiwe, futhi umkhiqizo noma insiza enje ayikaze iboniswe njengesidingo ngesikhathi sezinqubo zokuhlela isu nezokubhajetha, umkhiqizo onje noma insiza ungatholiswa ngohlelo lokubhida ngokuncintisana. Kodwa, akukho gunya lokubhekana nebhidi enjena.
Uma ibhidi inakwa, bobabili abacwaningi Bezimali kuZwelonke Nakusifundazwe bazokwaziswa bese benikezwa izinsuku ezingama-60 ukuthi bafake imibono ebhalwe phansi kanye neziphakamiso, ezizobhekwa ngaphambi kokuba umasipala enze izinqumo sanoma yikuphi ukuzimisela. Ukusuka kunoma yiziphi iziphakamiso Zomcwaningi Zimali kuZwelonke, kanye nezizathu zokusuka, zizokwaziswa emhlanganweni webandla olandelayo.
Kunganayeki ukubhekwa kwanoma yiziphi izidingo ezibekiwe ngezansi, umasipala akaphoqelelwe ukuvuma noma yiyiphi ikhotheshini noma ibhidi etholiwe. Amanani afaka i-VAT.
Wonke amakhotheshini ayinani eliphakathi kwama-R5,000 kanye nama-R100,000 lizakunqunywa yi-Ofisa Yezezimali Ephezulu (i-CFO). I-CFO izakwenza njengokwemibiko ebhaliwe elungiselelwe nguMenenja Wezezimali, kumakhotheshini ayinani elingaphezu kwama-R30,000, emva kokubheka intengo yohlelo lwamaphuzu akhethiwe Okunikeza Amandla Kwabansundu Kwezomnotho Okwesekwe Ngokubanzi.
Ikhotheshini ehambisana nencasiselo izakuvunywa, uma nje i-Ofisa yezezimali Ephezulu, ngokuxhumana nenhloko yomnyango ofanele, yenelisekile ukuthi inikeza inani eligcono kakhulu lemali yomasipala nokuthi imali eyanele ikhona ebhajethini elifanele.
Uma kwenzeka ukuthi kungabikho khotheshini efanelekile yencasiselo.
ukuphinde ibize amakhotheshini, noma ukuvuma ikhotheshini eseduzane kakhulu nencasiselo, uma nje i-Ofisa Yezezimali Ephezulu yenelisekile ukuthi (i) inikeza inani elingcono kakhulu lemali, (ii) imibandela fanele yebhajethi yenziwe, (iii) izawufinyelela izidingo zikamasipala, nokuthi (iv) inhloko yomnyango efanele iyavumelana nesinqumo.
Wonke amathenda edlula ama-R1,000,000 azakunqunywa Yikomiti Lokunquma Lebhidi, njengoba limiswe ngokulandela isigaba se- 5 ngezansi, lase livunywa yibandla elenza ngokubheka imibiko ebhaliwe neziphakamiso ZeKomiti Lokunquma Lebhidi.
Nenani elingcono kakhulu lemali likamasipala.
Ikomiti lizawuphinde futhi lihlole ukuthi ziznkaphani ezifaka amathenda ziyakwazi yini ukwenza ikontileka ngempumelelo, bese libhekela imibandela Yomthetho Wokunikeza Amandla Ezomnotho Kwabansundu Ngokweseka Okubanzi. Ikomiti Lokuhlola lizakuhlola amabhidi bese lifaka umbiko neziphakamiso Ekomitini Lokunquma elicaciswe esigabeni se-7.
Ukubiza futhi amakhotheshini, noma ukuvuma ikhotheshini eseduzane kakhulu nencasiselo, uma nje iKomiti Lokuhlola lenelisekile ukuthi (i) inikeza inani elingcono kakhulu lemali, (ii) imibandela efanele yebhajethi yenziwe, (iii) izawufinyelela izidingo zikamasipala, nokuthi (iv) inhloko yomnyango efanele iyavumelana nesinqumo.
Imibhalo yebhidi izakulungiselelwa Ngumenenja Wezezimali ngokuxhumana nomanyango okumele utholiswe impahla nezinsiza.
isidingo sokungenisa amareferensi entela angempela, izitifiketi zokuveza ukukhokhwa kwentela, izinombolo zokuzibhalisela i-VAT nezinombolo zikamazisi noma zokuzibhalisa amakhophi aqinisiwe angangeniswa nemibhalo yebhidi, uma nje angempela azokuba khona ngesikhathi sokuvula ibhokisi lebhidi.
izinqubo namasu okuphatha amakontileka, kufakwa nombandela ogunyaza i-Ofisa Enegunya ukuchitha ikontileka ngokweseka ngokungasebenzi ngemfanelo; kanye noma yiziphi izidingo Zomthetho we-MFMA Nokuphatha Ukunikezelwa Kwemisebenzi.
Amakhonsalithenti inqubo yokuqasha amakhonsalithenti kumele ilandele ngokufanayo inqubo yokubhida enokuncintisana yenye impahla nezinsiza njengoba kubekiwe kule nqubomgomo. Imihlahlandlela enemininingwane iyatholakala ehhovisi Lokuphatha Ukunikezelwa kwemisebenzi Lomcwaningi Zimali Kuzwelonke, Inombolo yeNoti Yokusebenza- SCM 3 ka-2003. Le mihlahlandlela ifaka imibandela yokuthi iqembu lamakhonsalithenti/ uhlu labanikezeli bezinsiza abavunyiwe kumele bamiswe uma kudingeka izinsiza ezijwayelekile neziqhubekayo zidingeke. Leli qembu kumele libuyekezwe okungenani njalo eminyakeni emibili.
Ukuqashwa kwabeluleki kuzokulandela inqubo efanayo yokubhida okunokuncintisana njengoba kuchazwe kule nqubomgomo.
Akukho meluleki ozobamba iqhaza kunoma yisiphi isinqumo sokugcina sokunikeza ibhidi.
Akukho ukuthatha izinqumo kogunyaziwe okumele kunikezwe umeluleki.
Uhlelo olulandelayo lubhekene nawo wonke amabhidi okuncintisana, okusho ukuthi lawo edlula inani elilinganisiwe elingama-R100,000 (kufakwa ne-VAT).
I-ofisa Enegunya izakumisa ikomiti lokwakha izincasiselo zebhidi ukuze lakhe izincasiselo zebhidi.
ilungu elingaguquki eli-1 (uma nje Ihloko Yesigaba: Impahla ayikho, Inhloko Yesigaba: Yokuthenga izakuba khona), kanye namalungu afanele evela emnyango okutholiswa kuwo impahla nezinsiza. Uma amalungu omnyango afanele engekho, izihloko zaleyo minyango izakudluliselwa emhlanganweni olandelayo.
Akukho lungu lekomiti lokucacisa elingaba yilungu lokunquma lekomiti elibheka noma yimaphi amabhidi empahla nezinsiza ezifanayo.
Izincasiselo kumele zilungiselelwe ngendlela engabandlululi futhi ziqukethe imininingwane eyanele yamakhotheshini namathenda okumele ahlolo ngokunomqondo. Uma unaka Uhlaka Lwenqubomgomo Lokutholiswa Kokukhethwayo, izici ezicacisiwe zokunikeza amaphuzu kumele zifakwe embhalweni webhidi.
Izincasiselo zizawuvunywa yi-Ofisa Enegunya ngaphambi kokukhangisa ibhidi. Uma kungekho i-Ofisa Egunyaziwe lomsebenzi unganikezwa UMqondisi: Wezinsiza Zomphakathi noma i-Ofisa Yezezimali Ephezulu.
I-Ofisa enegunya izakumisa ikomiti lokuhlola ibhidi ukwenza imisebenzi yokuhlola ebekwe ku-4.7 ukuya 4.9 ngenhla.
Umgcinisihlalowekomiti lokuhlola ibhidi uzakukhethwa yi-Ofisa Enegunya futhi uzakushintshwa shintshwa njalo ngonyaka. (Kodwa, umgcinisihlalo akumele kube ngumuntu ozimele).
Ilungu elilodwa kunguMenenja: Wezinsiza Zokubumbana noma Inhloko Yesigaba: Ezanaholo (osesikhundleni sokuba yisisebenzi sokuphatha ukunikezelwa kwemisebenzi), bese kuthi omunye kube ngumuntu ozimele. Uma umuntu ozimele engekho, I-ofisa Yezezimali Ephezulu izawukhetha ozommela ozoba ngobukele ozimele.
Inani eliwubukhulu belungu elengeziwe elilodwa elivela kumnyango ngamunye okutholiswa kuwo impahla nezinsiza (amalungu anje angafaka amalungu angaguquki). Uma kwenzeka amalungu anje omnyango angabikhona, isihloko(izihloko) zizawube sezidluliselwa emhlanganweni olandelayo.
Amalungu akakwazi ukusebenza kunoma yiliphi ikomiti lokunquma elinquma nganoma yisiphi sezihloko ezike zabhekwa ekomitini lokuhlola.
Uma kungekho i-CFO, uMenenja Kamasipala uzakusebenza njengomgcinisihlalo, uma nje iMenenja: Yizinsiza Zezezimali ikhona. Uma bengekho bobabili i-CFO kanye noMenenja Kamasipala, i-CFO izawukhetha enye i-ofishali ephezulu ukuthi isebenze njengomgcinisihlalo, uma nje umseebnzi wokuphatha ukunikezela imisebenzi, ekhethwe yi-CFO, ikhona.
Amalungu ekomiti lokunquma akasoze aba ngamalungu ekomiti encasiselo yamakomiti noma amakomiti okuhlola ebhekela noma yiziphi izihlelo okumela kunqunywe ngazo. Loku kuvimbela kufaka noma yiliphi ilungu elikhethiwe noma eligunyaziwe.
Amalungu Ekomiti Lokuhlola Ibhidi angangenisa imibiko yawo Ekomitini Lokunquma Lebhidi bese becacisa okungazwakali. Kodwa, amalungu anje awasoze aba nawo amandla okuvota Ekomitini Lokunquma Lebhidi.
Umnyango Wezinsiza Ezibumbene uzakunikeza ikomiti lesinzisa zonobhala kuwo wonke amakomiti.
I-Ofisa Enegunya ingaxoxisana nombhidi obonisiwe njengombhidi okethiwe ngokusebenzisa inqubo yokubhida enokuncintisana, uma nje inqubo ingavumeli umbidi ukuba athole ithuba lesibili (elingafanele) kanye nokuthi ukwaziswa okunje akuyona ingozi kunoma yimuphi umbhidi noma umnikezeli.
Amanye amaphuzu okukhetha azokunikezwa njengokuseKhadeni Lamanani Lokulinganisa Kumithetho Yokutholiswa Yomthetho Wenqubomgomo Ewuhlaka Yokutholiswa Okukhethayo, Umthetho weNo 5 ka-2000. Leli khadi lamanani liqukethwe Kuzijobelelo zale nqubomgomo futhi linikeza ukuthi uma inani lezamba ze-BBBEE lingaphansi kwama-40% ngaloko amanani azokunikezwa. Uma wonke amabhidi elula ama-R1,000,000, isimemo sebhidi sizakuchithwa bese kuphinde kufakwe isimemo ngamaphuzu akhethiwe afanele.
Ngaphambi kokunikeza ibhidi, umasipala angachitha ibhidi ngenxa yokuguquka kwezimo, noma izimali zokuxhasa ezingenele ukuthi kungaqhutshekwa, noma uma ibhidi efanele ingatholakalanga.
Ngaphambi kokunikeza ibhidi, umasipala angachitha ibhidi ngenxa yokuguquka kwezimo, noma izimali zokuxhasa ezingenele zokuqhubeka, noma uma kungekho ibhidi evunyiwe etholakele.
Emva kokuthi umnyango ofanele usuyiolungisile incwadi edingekayo, umgcinisihlalo wekomiti lokunquma lebhidi uzakwazisa ababhidi abaphumelele ngokubabhalela abazise ngomphumela webhidi yabo ngokushehsa emva kokuba Ikomiti Lokunquma Lebhidi livumele ibhidi. Asikho isidingo sokulinga ukuvunywa kwamaminithi omhlangano Wekomiti Lokunquma Lokubhida.
Wonke amabhidi avunyiwe azenziwa uhlu kuwebhusayidi kamasipala nakumabhodi ezaziso (athintekayo kuzigaba zama-3.2 kanye no-3.3 ngenhla) evikini elilandela ukuvunywa, isikhathi esiyzinsuku eziyisikhombisa.
Isimo esisheshayo sithathwa njengaleso esingalindelekile kanye nesiyisehlakalo esenzeka ngokungazelele esiphathelene nokokwenza okulimazayo noma okungaba namandla okulimaza, okuyimiphumela yomasipala futhi kudinga okwenziwayo okusheshayo.
Uma i-ofisa enegunya ibona ukuthi kunzima ukumema amabhidi anokuncintisana, njengangesikhathi sokutholiswa esisheshayo, noma lapho kukhona umnikezeli oyedwa kuphela, angakwazi, ngokuxhumana ne-Ofisa Yezezimali Ephezulu, ukutholisa impahla nezinsiza ngezinye izindlela, njengokuthola ikhotheshini yentengo noma ngokuxoxisana, noma ngokwehlisa isikhathi esidingekayo sokukhangisa ukusuka osukwini lwe-14 kuze kube yisikhathi esibekiwe. Izizathu zokwehluka kumabhidi okuncintisana ezimemo zizakurekhodwa zivunywe Yi-Ofisa Elinegunya.
Uma kungaboniswa ukuthi umnikezeli wensiza oyedwa uyakwazi ukunikeza insiza ecacisiwe, ngalokho ke i-Ofisa Enegunya anganikeza ikontileka kulowo mnikezeli wezinsiza uma nje kuvume ikomiti Lokunquma lebhidi. Kodwa, imakethe izawuvivinywa njalo eminyakeni emibili ukuthola ukuqiniswa kwesici kwamanje.
I-Ofisa Enegunya izakurekhoda izizathu zokwehluka.
Inqolobane yemininingwane Yomcwaningi Zimali Kazwelonke ezokuhlolwa ngaphambi kokunikezwa yinoma yiyiphi ikontileka ukuqinisekisa ukuthi ayikho inkampani yebhidi ephakanyisiwe, noma yinoma yiyiphi yabaqondisi, eyenziwe uhlu njengomuntu ovinjelwe ukwenza ibhizinisi esigabeni somphakathini.
Amabhidi ababhidi, abehluleka ukulandela izidingo ezisemqoka zemibhalo yamabhidi ephathekayo esiqephini sesi-5 noma okungukuthi eminyakeni emihlanu abaye behluleka ukwenza ngemfanelo ekontilekini edlule, umasipala uzokuchitha. Amakontileka akasoze anikezwa ababhidi abenze izenzo zokukhwabanisa nokugebenga ngenkathi ugcwalisa amakontileka.
Amakontileka azawuchithwa uma amabhida anempumelelo noma abanye bababambi qhaza abenza imisebenzi yokukhwabanisa noma izenzo ezingafanele ngesikhathi zenqubo yokubhida noma ngesikhathi sokwenza ikontileka.
Amabhidi avela kubabhidi, kufakwa nabaqondisi, abasebenzisa ngokungafanele inqubomgomo yokuphatha ukunikezelwa kwemisebenzi, noma abake babanjelwa ukukhwabanisa noma ukwenza ngokungafanele eminyakeni emihlanu edlule, bazakuchithwa.
I-Ofisa Enegunya izokwazisa umcwaningi zimali wesifundazwe ngokumbhalela nganoma yisiphi isenzo esithathwa njengomphumela we-11.1 ukuya ku-11.4 ngenhla.
Akekho umuntu ofaka isicelo sokutholiswa impahla noma izinsiza kuzakubeka ngokwazi okuyinani lesidingo ngezinhloso zokugwema inqubo yokutholiswa eqinisiwe. Loku kugwenywa kufaka ukuhlukana ngokwenhloso yezidingo ezincane ezimbalwa ukuze kwehliswe inani lama-oda omuntu ngamunye. Ukutholiswa kulinganiselwe kuma-R100,000 enhlobo yinye yempahla ngenyanga, ngaphandle kokuthi inqubo yokubhida iye yenziwa. I-Ofisa enegunya izakwenza isenzo sokulungisa izigwegwe maqondana nokulwisana nanoma yisiphi isidingo.
Akukho ofishali ezakuba nokuxhumana nomnikezeli ophathelene nekhotheshini noma ibhidi yokuthi umnikezeli ngokuphathelene nomanikezeli, ngaphandle kokuthi iqembu ngalinye lidinga ukucacisa izidingo noma uma i-ofisa enegunya kudingeka ukuba ixoxisane nababhidi ababonisiwe abathintekayo esigabeni se- 7.19. Noma yikuphi ukuxhumana okunje kuzakurekhodwa bese kufayilwa ngokufanele nemibhalo yebhidi.
Izigaba ze-14 kanye nama-90 ze-MFMA ibhekana nokulahlwa impahla yemali eqongelweleyo. Izigaba ezibekiwe, ngaphambi kokudlulisa noma ukulahlwa impahla eqongelelweyo, Ibandla lizawuthi emhlanganweni ovulekile, lithathe isinqumo sokuthi impahla ayisadingeki ukunikeza izinsiza zikamasipala eziyisisekelo eziselevelini eliwubuncane. Ibandla lizakuphinde libhekele inani elifanele lempahla kanye nenani lezomnotho nomphakathi oluzotholakala ngokushintshiselana ngempahla.
Ikomiti Ivume Ukuphatha Izikhali Eziguquliwe KuZwelonke kanye nokulahlwa kwezibhamu kuZwelonke; kanye nokuthi kutholwe izintengo eziphathelene nezimakethe ezitholakala ngenqubo yokubhida enokuncintisana.
Uma umhlaba namabhilidi ethengiswa ngenani lezimakethe, inani lezimakethe lizawukwazi: (a) ukuthola onikeza amanani ozibhalisile novunywe yi-Ofisa Enegunya esenanini lama-R100,000 noma (b) uma inani ledlule ama-R100,000, ukuba lithunyelwe Yibandla lokuvunyelwa ngaphansi kwesigaba sama- 14 se-MFMA. Isikhangisi, ukuhlola kanye nezinqumo zokunquma ezihambisana nokutholiswa ngaphansi kwesigaba- 2 senqubomgomo izakufaneleka kulesi sigaba, kufakwa nesicelo Somthetho Wenqubomgomo Yokutholiswa Okukhethwayo kanye Nemithetho.
Noma yiyiphi impahla ingadluliselwa kunoma yisiphi isitho sombuso enanini lezimakethe noma, uma kufanele, mahhala.
Impahla izakubhidlizwa uma ukubulala okunje kuthathwa njengokuzokusiza ukunaka okusemqoka kakhulu komphakathi.
Umnyango wemfundo wesifundazwe uzakunikezwa ukhetho lokuqala uma kuhanjiswa izisetshenziswa ezingamakhompyutha.
Ukuthengiswa kwempahla ngokuseebnzisa ukubhida okuncintisanayo noma indali kuzalandela inqubo yokuxhumana efanayo ebekelwe amabhidi esigabeni- 3. Ukwengeza, okungaba ngabathengi/ababhidi bazokwaziswa ngendawo lapho banagabona khona impahla kanye nouku nesikhathi nendawo yendali.
Uma ususa impahla eshukumayo, Ikomiti Lokunquma Lebhidi lizakuthola izindlela zokuthengisa ezinhle kakhulu ezinikeza inani elihle kakhulu lemali kumasipala. Ikomiti lizokulandela izidingo zokuxhumana ezibekelwe ikhotheshini. Uma kudingeka, isaziso singaba ngendlela yokukhangisa ephephandabeni lendawo elethulwa indawo yonke. Ngokuthengisa ngokwangasese Ikomiti Lokunquma Lebhidi lizakunquma livume amakhotheshini atholiwe. Ukunqunywa kuzofaka imibandela Yamaphuzu Okushiwo Ngokukhethayo, njengoba kuxhunywe ekhadini lamanani, empahleni enenani eledlula ama-R30,000. Ikomiti Lokunquma lebhidi ligcina ilungelo lokunikeza noma yiyiphi ibhidi enikezwayo.
Ikomiti Lokunquma Lebhidi lizakunquma amabhidi wonke okuthengiswa kwempahla engagudluki ngesivumelwano sangasese. Ukuthengiswa kwempahla kuzakunqunywa ngokulandela izigaba ze-4 kanye neze-8 sale nqubemgomo. Umasipala ugcina ilungelo lokwenqabela noma yimaphi amabhidi anikeziwe.
Impahla engashukumi kumele iqashiswe ngentengo elingana nezimakethe, ngaphandle uma umcwaningi zimali wesifundazwe evumela ngandlela thize.
Zonke izindleko eziphathelene nokuqashwa kwempahla kamasipala kuzakubukezwa unyaka ngonyaka.
Ikomiti lokunquma lenhidi lizkuvuma ukuthengiswa kwempahla ukuqinisekisa ukuthi intengo engaba khona ephezulu iyatholakala futhi ibhekela impumelelo yezindleko yanoma yimuphi umehluko.
Abanikezeli abanganelisekile ngezinqumo zikamasipala ngokuphathelene nanoma yiyiphi ibhidi angakhalaza ngokubhalela i-Ofisa Yegunya, uma nje isikhalazo esinje sifakwa kumasipala ezinsukwini eziyishumi zokusebenza ukusuka ngosuku okuvunywe ngalo ibhidi eyayenziwe uhlu ngokulandela isigaba- se-11 esingenhla.
Abanikezeli kumele banikezele imininingwane yezizathu zesikhalazo zakhe, kufakwa ukungalandeli le nqubomgomo, i-MFMA kanye nomthetho ohambisana nawo. I-Ofisa Enegunya izakufaka ukuvumela okubhaliwe kokutholwa kwesikhalazo kofake isikhalazo ngaphakathi kwezinsuku ezinhlanu zokusebenza ekutholweni kwesikhalazo futhi isikhalazo ezingaphakathi kwezinsuku eziyishumi nanhlanu zokusebenza emva kokutholwa. I-Ofisa Enegunya izakwazisa ukuthi ofake isikhalazo nganoma yiziphi izikhathi zokumosakala ekuqedeni umphumela wesikhalazo, bese unikeza izizathu zokuhanjiswa kwesikhathi.
Uma isikhalazo sesekwe ezindabeni ezinzima zobuchwepheshe, I-Ofisa Enegunya ingasebenzisa umeluleki wangaphandle ongabandluli, uma nje ukuhlangana okulandelayo kulandela inqubomgomo nemibandela eyanele yebhajethi ikhona. I-ofisa Enegunya ayibophezelwa yinoma yimuphi umbono enikezwa ngumeluleki ongaphandle.
I-Ofisa Enegunya izakuthatha isinqumo sokuthi isikhalazo siqukethe ukwesekwa okwanele kokuchithwa kwesikhathi sokutholiswa kumnikezeli ovunyelwe, nokuthi ukuchithwa kwesikhathi okunje kungenzeka yini. Uma i-Ofisa Enegunya ithola ukuthi ukumoswa kwesikhathi kuneqinisiwe, umnikezeli ovunyiwe uzakwaziswa ngokubhalwelwa ngezizathu zokuchithwa kwesikhathi.
Uma umphumela wesikhalazo usuwenziwe, i-Ofisa Enegunya izakwazisa ofake isikhalazo ngokumbhalela amazise ngomphumela.
Wonke ama-ofishali okuphatha ukunikezela kwemisebenzi azokulandela Ikhodi Yokuziphatha ebekwe ngaphakathi Komthetho Wezinhlelo Zomasipala, Kuhlaka Lokuphatha Ukunikezwa Imisebenzi kanye Nekhodi Lokuziphatha Lokuphatha Ukunikezela Imisebenzi.
hlonipha Ikhodi Yokuziphatha yomasipala; futhi azaku hlala angenzi nganoma yiyiphi indlela eyehlisa izinga lokwethembeka nobuqotho bekomiti (bamakomiti).
Noma yiziphi izifungo ezingenhla ezenziwe yi-Ofisa Enegunya kuzokubhalwa kurejista futhi kuzogcinwa yi-Ofisa Enegunya. Noma yiziphi izifungo ezenziwe yi-Ofisa Enegunya kuzakwenziwa kumeya. UMeya uzakuqinisekisa ukuthi izifungo ezinje zirekhodwe kurejista futhi zethulwe emhlanganweni Webandla Lesigungu.
Noma yiliphi ilungu elingakulandeli noma yikuphi kokungenhla uzakuba necala lokuziphatha budedengu bese ekhiswa emsebenzini ngokufingqiwe.
I-Ofisa Elinegunya eliphathekayo kule nqubomgomo nguMenenja Kamasipala, ngaphandle kokuthi i-ofisa eliphezulu noma elingumphathi ophezulu ligunyaziwe amandla okuthatha izinqumo anjena ngokubhalelwa, futhi ukugunyazwa ngokubhalelwa okunje kulandela izigaba zama-79 neze-06 ze-MFMA. Akukho ukugunyazwa okungenziwa komunye umuntu ongeyona i-ofishali enjena.
Ikomiti ikhansela noma umqondisi wanoma yimuphi umasipala eyilungu lalo.
I-Ofisa uzakudlulisa igunya ngokubhalela Ikomiti Lokunquma ukuthi linikeze amabhidi ayinani lama-R7,500,000 (kufakwae ne-VAT). I-Ofisa Enegunya inganikeza amabhidi edlula leli nani emva kokubheka iziphakamiso ZeKomiti Lokunquma.
Uma kwenzeka Ikomiti Lokunquma noma i-Ofisa Enegunya, emva kokuxoxisana ne-ofisa elinegunya, lithatha isinqumo sokunikeza ibhidi kumbhidi okungeyena ophakanyiswe Yikomiti Lokuhlola noma Ikomiti Elinqumayo ngokuhambisanayo, i-Ofisa enegunya kumele ezinsukwini eziyisikhombisa zokusebenza yazise iMeya ngaloku ngokumbhalela.
I-Ofisa elinegunya kumele lazise Ikomiti Yesigungu, Umcwaningi Mabhuku Jikelele, Umcwaningi Zimali Wesifundazwe kanye Nomcwaningi Zimali Kuzwelonke ngezizathu zokungalandeli iziphakamiso ezinjena.
Igunya elisemqoka lebandla ukuqinisekisa ukuthi i-Ofisa Elinegunya lisebenzisa le nqubomgomo ngaphakathi kwemithetho esetshenziswayo.
I-Ofisa enegunya izakungenisa umbiko wonyaka ngonyaka ebandleni nokusetshenziswa Kwenqubomgomo Yokuphatha Ukunikezela Imisebenzi ngomhla ka-30 kuJulayi enyakeni ngamunye. Lo mbhalo uzofaka umbiko wenqubekela phambili ekufinyelelweni kwezinhloso ezibekwe kunqubomgomo Yebandla NoHulumeni kuZwelonke. Uma kuba khona izinkinga zokokwenza nezinzima kakhulu ekusetshenzisweni kwenqubomgomo yokuphatha ukunikezwa kwemisebenzi, i-Ofisa Enegunya izakubika izinkinga ezinje ebandleni ngokushesha.
I-Ofisa Enegunya izowuphinde ibike ngenqubekela phambili ngokusetshenziswa kwenqubomgomo Ekomitini Lesigungu njalo ngekwata, ezinsukwini eziyi-10 emva kokuphela kwekwata ngayinye.
I-Ofisa Elinegunya lizakuthi ngaphakathi kwezinsuku ezingama-60 emva kokuphela konyaka wezimali ngamunye, lingenise yinoma yiluphi ulwazi oluphathelene nokuphatha ukunikezwa kwemisebenzi kumcwaningi zimali wesifundazwe ngendlela ezwube ibekwe Ngumcwaningi Zimali kuZwelonke.
Ibandla lizakushicilela imitheshwana efanele edingekayo ukunikeza amandla inqubomgomo yokuphatha ukunikezela ngemisebenzi. Le nqubomgomo iqala ukusebenza ngomhla ka-1 kuJulayi ka-2005 futhi ihambisana nokubuyekezwa ngokulandela amazinga omhlahlandlela ezinqubomgomo zokunikezela imisebenzi zikamasipala ezishicilelwe Ngumcwaningi Zimali Kuzwelonke.
Umasipala uzokwakha inqubomgomo yokutholiswa okukhethwayo.
Kumakontileka anenani lerandi elilingana noma elingaphansi kwenani elibekiwe, eliwubuningi obungamaphuzu angama-20 anikezwe ngezinhloso ezithile, njengoba kucatshangwe ngezansi, uma nje ithenda ephansi evunyiwe ithola amaphuzu angama-80 entengo.
Amanye amathenda avunyiwe entengo ephezulu kumele afake amaphuzu ambalwa, ngokuhambisanayo, abalwa ngezintengo zamathenda awo ngokuqhathanisa nethenda evunyiwe ephansi kakhulu, ngokuhambisana nefomula ebekiwe.
Izinhloso zokutholiswa okukhethwayo ezicacisiwe ezibekwe ngumasipala kumele zifake ukwenza amakontileka nabantu noma izinhlobo zabantu, ababekade bebandlululwa esikhathini esedlule ngokuphathelene nobuhlanga, ubulili nokukhubazeka.
Izinhloso ezicacisiwe zenqubomgomo zizoqhubeka zifake ukusetshenziswa kwezinhlelo zokwakha nokuthuthukisa, njengoba zishicilelwe kuGazethi Kahulumeni YeNo. 16085, yomhla ka-23 kuNovemba ka- 1994 noma kumthetho olandelayo.
Noma yisiphi isici esicacisiwe ngokulandela ukuthi yimaphio amaphuzu anikeziwe izakucaciswa kuzimemo zokuthi kufakwe amathenda. Umasipala uzakuthi ngokujwayelekile anikeze amakontileka ache kwabafaka amathenda amathola amaphuzu aphezulu kakhulu. Uma kungenjalo, umasipala kumele akwazi ukuveza izici senhloso, kulezo ezicatshangwe ngenhla, ukufakazela ukunikeza kwakhe ithenda komunye ofake isicelo sethenda. Izinhloso ezicacile ezitholwe ngumasipala ngenqubomgomo yakhe yokutholisa okukhethwayo kumele ikwazi ukulinganiswa, inikezwe amanani bese ihlolelwa ukulandela umthetho.
iziboniso zokulinganisa ukunikeza amandla kwezomnotho kwabansundu ngokwesekwa okubanzi; kanye nesici sokulinganisa isisindo seziboniso zokunikeza amandla ezomnotho kwabansundu ngokweseka okubanzi okuchazwe ngenhla.
Ukuthuthukisa izici zokuhlanganyela nesigaba sangasese.
UNgqongqoshe uzakuphinde anikeze isu lokunikeza amandla ezomnotho kwabansundu elesekwe ngobubanzi.
thuthukisa uhlelo lokuxhasa ngezimali ukunikeza kwamandla ezomnotho kwabansundu okwesekwe ngobubanzi; kanye nokunikeza uhlelo lapho izitho zombuzo, izinhlangano zomphakathi kanye namanye amabhizinisi angalungisa izinhlelo zokunikeza amandla ezomnotho kwabansundu ngokwesekwe ngobubanzi kanye nombiko wokuhlonipha kwabo izinhlelo ezinje.
Kumabhidi okuncintisana/amakhotheshini entengo anenani elilingana noma eledlula ama R30 000 ukufinyelela enanini leRandi le-R1 miliyoni Lingasetshenziswa kumakhotheshini alingana ngangaphansi kwangama-R30,000 uma kuthathwa njengokufanele.
Amaphuzu awubukhulu obungama-20 afakwa emaphuzwini angenhla, kwesekwa ngokuhlolwa maqondana nekhadi lenani Lokunikeza Amandla Kwabansundu Kwezomnonotho Ngokweseka.
Amaphuzu awubukhulu obuyi-10 afakwa emaphuzwini angenhla, kwesekwa ngokuhlolwa maqondana nekhadi lenani Lokunikeza Amandla Kwabansundu Kwezomnonotho Ngokweseka Okubanzi.
Umasipala akakwazi ukuthi ngenxa yokuthengisa noma omunye umsebenzi wokuthengisa ukudlulisela ubunikazi bempahla eqongelelweyo noma alahle ngokungaguquki impahla eqongelelweyo edingekayo ukunikeza ileveli eliwubuncane bezinsiza eziyisisekelo zikamasipala.
a Aye wathatha isinqumo, ngesisekelo esicatshangiwe, ukuthi impahla enjena ayidingeki ukunikezela ileveli eliwubuncane lezinsiza eziyisisekelo zikamasipala; kanye b Nokuthi uye wanaka inani elifanele lezimakethe lempahla enjena kanye nenani lezomnotho nelo mphakathi elizotholakala uma kushintshiselwana ngempahla.
Isinqumo ngebandla likamasipala sokuthi impahla yemali eqongelweleyo ethile ayidingeki ukunikeza ileveli eliwubuncane lezinsiza zikamasipala eziyisisekelo engakwazi ukuguqulwa ngumasipala emva kokuthi impahla enje iye yathengiswa, yadluliselwa komunye noma yalahlwa ngandlela thize.
Ibandla likamasipala linganikeza i-ofisa enegunya kamasipala amandla alo okuthola athintekayo esigatshaneni sesi-2 a kanye no-b ngokuphathelene nempahla eqongelelweyo eshukumayo ngaphansi kwenani elitholwe yibandla.
Noma yikuphi ukudluliswa kobunikazi kwempahla eqongelelweyo ngokwesigatshana se-2 noma se-4 kuzakuba ngokufanele, okulinganisiwe, okusobala, okunokuncintisana nokungaguquki ngokuhambisana nenqubo yokuphatha ukunikezelwa kwemisebenzi kumasipala, okuzogcinwa ngumasipala ngokwesigaba se- 111.
b iphrojekthi, kufakwa nezindleko sezizonke iye yavunyelwa yiBandla c isigaba- 33 siye salandelwa, kwaze kwafinyelelwa ekutheni isigaba singafaneleka ephrojekthini; futhi d imithombo yokunikezwa imali iye yatholwa, itholakala ngokuzenzakalelayo futhi ayisetshenziselwanga ezinye izinhloso.
a Izindleko ezilinganiselwe kuyo yonke iminyaka yezezimali kuze kube yileso sikhathi lapho iphrojekthi isebenza khona; kanye b Nezindleko ezilinganiselwe zokusebenzisa kanye nemali engenayo yephrojekthi, kufakwa nentela kamasipala nemibandela yamatherifi.
Ngokuphathelene nesigatshana- 1 b ibandla likamasipala lingavumela amaphrojekthi amakhulu ngaphansi kwenani elibekiwe, kumuntu oyedwa noma njengengxenye yohlelo lwemali engenayo ehlanganisiwe.
Umasipala anganena kukontileka ezophoqelela amagunya ezezimali komasipala ukwedlula enyakeni wezezimali othile.
okuzovunyelwa ikontileka yonke njengo izokusesthenziswa kanye iii nokugunyaza umenenja kamasipala ukusayina ikontileka njengosayinela umasipala.
aa kwenani elibekiwe; noma bb iphesentheji ebekiwe noma ibhajethi evunyiwe kamasipala yonyaka lowo ikontileka eqedwe ngawo.
i Azokwenziwa ukuba atholakale ngokuphelele ebandleni likamasipala: futhi ii Akumele agodlwe ukuba angabonwa ngumphakathi, ngaphandle uma kunjengoba kunikezwe ngokulandela Umthetho Wokuthuthukisa Ukufinyelela Ulwazi ka-2000 Umthetho weNo. 2 ka-2000.
b Isiqephu a i asiphathelene namakontileka ngokuhambisana negunya lezezimali kumasipala lingaphansi kwenani elibekiwe.
Lesi sigaba akumele sifundwe njengesingafaki umasipala kumibandela Yesahluko se-11 kuze kube yilapho le mibandela ithinteka esehlakalweni esithile.
c nokukhetha kosokontileka ukusiza ekunikezeni izinsiza zikamasipala ngaphandle kuzimo ezicatshangwe Esahlukweni sesi-8 Somthetho Wezinhlelo Zikamasipala; kanye d nokukhethwa kwezindlela zokwenza zangaphandle, njengoba zishiwo Esigabeni sama- 80 Somthetho Wezinhlelo Zikamasipala wokunikeza izinsiza zikamasipala kuzimo ezicatshangwe esigabeni sama- 83 soMthetho.
b kunikezwe izinsiza zomasipala noma usizo ekunikezweni kwezinsiza zomasipala; kanye naseku c tholisweni kwezimpahla nezinsiza ngaphansi kwekontileka enikezwe esinye isitho sombuso esinje, uma nje umnikezeli ophathekayo aye wavumelana nokutholiswa okunjena.
Umasipala noma inhlangano kamasipala ngayinye izakuba iphinde isebenzise inqubomgomo yokuphatha ukunikezelwa kwemisebenzi enikeza ukusebenza kwemibandela yengxenye yalo Mthetho wamanje.
p ukuphatha amakontileka kanye nezinqubo zokulamula ingxabano; kanye q ukunikezwa kwamandla okuphatha ukunikezela kwemisebenzi kamasipala nemisebenzi, kufakwa ukunikezwa kwamandla anje kanye nemisebenzi kuma-ofishali.
Uhlaka lokulunganisa lokuphatha ukunikezela imisebenzi ezoba ngefanele, elinganisiwe, esobala, enokuncintisana nenezindleko ezongayo.
Umasipala noma inhlangano kamasipala ayiphoqelekile ukunaka ibhidi engavunyiwe etholwe ngaphandle kwenqubo yokubhida ejwayelekile.
Uma umasipala noma inhlangano kamasipala ithatha isinqumo sokunaka ibhidi engavunyiwe, ingakwenza loko ngokulandela uhlaka olubekiwe.
Uma ngabe ithenda kunaleyo ephakanyisiwe ngokujwayelekile ukwenza okuvunywa yinqubomgomo yokuphatha ukunikezelwa kwemisebenzi, i-ofisa enegunya kamasipala noma inhlangano kamasipala izakufaka isaziso esibhaliwe Kumcwaningi Jikelele, ucwaningi zimali wesifundazwe kanye Nomcwaningi Zimali kuZwelonke kanye, nangokuphathelene nezinhlangano zikamasipala, nomasipala abakhulu, ngezizathu zokwehluka kuziphakamiso ezinje.
Izidingo ezingenhla azifanelekile uma ithenda ehlukile ivunywa ngenhloso eyodwa yokulungisa noma okungajwayelekile.
I-Ofisa enegunya kamasipala noma inhlangano kamasipala izakusebenzisa inqubomgomo yokuphatha ukunikezela imisebenzi futhi izothatha zonke izinyathelo ezicatshangiwe ukuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa okufanele okuye kwamiswa nokuthi imisebenzi ohlelweni lokuphatha imisebenzi yokunikezela iye yahlukaniswa ukuze kwehle izinga lokukhwabanisa, inkohlakalo, ukubandlulula nokunikeza abayizihlobo, kanye nezimo ezibandlululayo nezingafanele.
Akukho umuntu okumele athikameze i-ofisa enegunya nesibopho.
Ikontileka noma isivumelwano esitholwe ngohlelo lokuphatha ukunikezwa komsebenzi kumele kube ngokubhalwe phansi futhi kumele kusho amathemu nezimo zekontileka noma isivumelwano.
izindlela zokulanyulwa kwezingxabano ukuze kulungiswe izingxabano ngaphakathi kwamaqembu; kanye nekontileka noma isivumelwano okumele ibuyekezwe kanye njalo emva kweminyaka emi-3 kumakontileka noma izivumelwano eziluliwe zedlula isikhathi esiyiminyaka emi-3.
c misa amandla okwenza kukuhanjiswa ukusiza i-ofisa enegunya ukwenza izibopho ezibekwe ngaphambilini kanye nokwengamela ukuphatha kosuku ngosuku kwamakontileka nezivumelwano; kanye d nokubika njalo ebandleni noma ibhodi labaqondisi, njengoba ukwenza okungaba khona, ekuphathweni kwekontileka noma isivumelwano kanye nokusebenza ngemfanelo kukasokontileka.
a Kwezizathu zezinguquko eziphakanyisiwe ziye zethulwa ebandleni likamasipala noma enhlanganweni kamasipala, ebandleni eliphezulu likamasipala; kanye b Nomphakathi wendawo onikezwe isaziso esicatshangiwe ngokuzimisela ukuguqula ikontileka noma isivumelwano, futhi eye yamenywa ukuba ifake ukwethulwa kumasipala noma inhlangano kamasipala.
Ayikho ikhansela yanoma yimuphi umasipala okumele ibe yilungu lekomiti yebhidi kamasipala noma yinoma yiliphi elinye ikomiti elihlolayo noma elivumela amathenda, amakhotheshini, amakontileka noma amanye amabhidi, kanti futhi ikhansela enje akumele ingenele imihlangano enje njengomuntu ozokubukela.
I-Ofisa enegunya kanye nawo wonke ama-ofishali kamasipala noma ezinhlangano zikamasipala abandekanyayo ekusebenziseni inqubomgomo yokuphatha ukunikezela imisebenzi kuzomele balandele amaleveli abekiwe okwazi ukwenza ngemfanelo. Umasipala noma inhlangano kamasipala uzakunikeza imithombo noma ukuqeqeshwa okufanele kuma-ofishali anjena ukuze baqinisekise ukuthi amaleveli okwenza ngemfanelo abekiwe ayalandelwa.
